Enethunga kayisengeli phansi lokhu kuchaza ukuthi awusoze wahlupheka uma unamathuluzi akho. Umnini wento akahlupheki into yakhe ikhona. Lokhu kususelwa ekusengeni, uma unethunga angeke usengele phansi ithunga likhona, Yini ithunga? Ithunga ngelokusengela inkomo lalibazwa ngesigodo emandulo manje sisengela emabhakedeni phela. Ithunga isigodo esibaziweyo senziwa umgodi phakathi ovulekile njengebhakede elincane lakhelwe ukusengela kulo libanesinqe esincane liba ubhojozi ukuze umsengi ezokwazi ukulibamba ngamathanga akhe
1 Umlaza kusuke kuchazwa amanzi athile lawa asuke ecwenge emasini uma esevuthiwe noma esebilile
2 izaqheqhe sisuke sikhuluma ngawo amasi kodwa asuke esenesikhathi eside esengiwe kuthiwe izaqheqhe.
3 umthubi kusuke kuchazwa umuntu okuyena noma nje umuntu osengayo kuthiwe umthubi
4 ukhezo kusuke kuchazwa ingxenye esetshenziswa uma udla amasi (isipuni)
5 umvemve kusuke kuchazwa inkonyane lenkomo lelo elinosuku lizelwe noma elzalwe namhlanje kunina walo
6 isigqala kusuke kuchazwa umuntu ongazi nje noma liyaphuma noma liyashona ozikhathalele nje (isilima)
7 insengwakazi kusuke kuchazwa kushukuthi wenamfwethu inkomo yokusengwa leyo noma enobisi iluningi
8 indwamba kusuke kuchazwa inkomo engenalo ubisi ethi noma izele inkonyane life ngenxa yokuthi ayilutholi kahle ubisi imfa imibele
9 ithunga kusuke kuchazwa enethunga ayisengeli phansi ithunga ilesitshana esasikhandwa ngeziqabetho esisetshenziswa uma usenga
10 igula kusuke kuchazwa isitshana esifaka kuso amasi uma ususengile esakhiwe ngomhlahlu ukwenzela amasi ukuthi abile
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |